top of page

Selizotholakala naphesheya kwezilwandle Izwi Lomzansi

Originally posted in Isolezwe.


Selizotholakala naphesheya kwezilwandle isiteshi somphakathi saseThekwini esikhula ngesikhulu isivinini.


Izwi Lomzansi FM elitholakala eDurban Station, izolo lethule i-App yalo okuwubuchwepheshe besimanje obusebenza ngeselula. Le App etholakala kwi-internet ebizwa ngokuthi Izwi98FM eyenziwe abe-Immedia.


Umphathi wezinhlelo kulo msakazi uFuthi Khumalo, uthe ucwaningo lwabo luveze ukuthi sebewu-43% abalaleli beZwi Lomzansi asebebalalela kule App eqale ukuba khona kuleli sonto. Izolo bebeyethula ngokusemthethweni.


EGoli kuvele ukuthi yisona esihamba phambili ngoba iningi labantu abahambela iTheku balalela lo msakazo ngesikhathi belinde amabhasi nezitimela esiteshini.


“Lolu hlobo lobuchwepheshe bese kuyisikhathi sokuthi silusebenzise ngoba abantu abaningi bakhala ngokuthi kukhona lapho umsakazo ungafiki khona. Abalaleli abaningi baseGoli besize sixhumane nabo ngokusebenzisana nomunye umsakazo. Uma sesitholakala kwiselula, kuzoba lula kakhulu ukuthi sixhumane nabo nakwezinye izifundazwe. Okuhle ukuthi ngisho abantu bephesheya kwezilwandle bazoqhubeka nokuzithola zonke izinhlelo zethu baphinde baphawule nangazo kalula,” kusho uKhumalo.


Umphathi siteshi, uVela Xulu, uthe inhloso yabo enkulu ukwenza lo msakazo usebenze njengeminye emikhulu yize kungowomphakathi.


“Sifuna ukuzakhela amathuba emisebenzi sibenzise intsha eyazi kangcono ngobuchwehesheye, ezokumaketha, ukusakaza nezokuxhumana. Noma siwumsakazo omncane kodwa akukho esifuna abalaleli bashode kukho.


“Esikhathini samanje zonke izinto zenziwa ngobuchwepheshe yikho sinyusa izinga,” kusho uXulu.

Omunye wabasakazi oseneminyaka kulesi siteshi uNontobeko Mbelu, uthe ukufika kwale App kwenze indlela yokuxhumana nabalaleli yalula kakhulu.


“Konke sesikwenza ngekhasi elilodwa abalaleli sebeyakwazi ngisho ukusithumelela ama-voicenote,” kusho uNontobeko.


Omunye wongqondongqondo bale App, * -Anice Hassim we-Immedia ebhekelele ukusebenza kwale App, uthe ayikho imininingwane ezoduka.


UHassim uthe konke kuzoba lula kubalaleli ngoba bazokwazi nokulalela umsakazo noma bengekho emakhaya.


“Umuntu uzokwazi ukuqopha izinhlelo azithandayo abuye azilalele uma ethola isikhathi.


“Uma kukhulunywa ngesihloko wangezwa kahle, uzokwazi ukuphinde ubuyele emuva ulalelisise,” kusho Hassim.

bottom of page